MABANDLA KAMJOKWANE KANDABA, NINA BENKONJANE EDUKELE EZULWINI EZINYE ZIDUKELA EMAFINI. Isivuno sihle kakhulu ma-Afrika. Inqolobane yakwethu iphuphuma isivuno esihle kakhulu. Lesi yisikhathi sokudla ifutho, kubaswe phansi, kuvuthwe izinkobe kuthamundwe izindaba ezimunandi zomulando wakithi eSandlwana.
Azidle ekhaya zibuyele emasisweni, kukhunjulwe impilo eyayiphilwa kudalo!. Endulo kwakuphilwa kamunandi abantu benenkulu inhlonipho, benokuthula kanye nokuzwana. Kukhulunywa izilimi zomdabu. Omakhelwane babe nanelana, odla imbuya ngothi wawungeke umubone ngoba ukuntula komuntu kwakugqitshwa omakhelwane. Yizo lezo zikhathi engikhuluma ngazo lapho isisho sase Afrika sasibonakala khona esithi “Umuntu, umuntu ngabantu” kanti le kwelikaBhejane phuma esqiwini kuthiwa “Imikhombe iyenanana”.
Phela uma kuthiwa umuntu ngumuntu ngabantu kusuke kushiwo ukuthi ‘ngingumuntu ngingedwa ngingekwazi ukuziphilela ngingedwa zwi!, ngakho ngidinga loya naloya ukuze ngiphile’.
Ake siqale ngenhlonipho. Inhlonipho eAfrika ichaza into eyodwa, ukwazisa abantu abadala, uphinde ubanike indawo yabo ebafanele. Izinga eliphansi lenhlonipho elivezwa abantwana abancane ukuthi uma kungena abantu abadala abayizivakashi, izingane zazishwaphuzela ziyophuma ngomnyango ziyodlala. Zazingahlali ziqhunsule amehlo zibale abantu abadala amazinyo. Noma izivakashi zingekho kuhlezwi phansi kusihlwa kudliwa imbuthuma. Izingane zazingabuki abantu abadala emehlweni. Ezesimanje sezivele zime khomololo endlini zikhombe oyise ngeminwe zithi “Baba unamanga!” Lafa elihle kangaka.
Ingane uma ihlangana nomuntu omdala endleleni yayibuya eceleni ukuze umuntu omdala edlule kahle angahambi esikhotheni. Yaze yasilaya impucuko, ezamanje phela zihloma ikhanda phansi ziqhube njalo ngokucindezela umakhala ekhukhwini. Yazingagcini ngokugega ingane kodwa yayikhothama kancane sakufola bese izadla ziye emadolweni noma zihlikihlwe ngasemathangeni anduba ithi “sawubona Baba noma mama, noma Gogo noma Mkhulu”. Ngoba-ke kuhlonishwana kabili umuntu omdala naye wayengavumi adlule. Kodwa wayema naye adele isikhathi sakhe, kubuzwane impilo. Avume athi “Yebo mfana noma ntombazane noma athi yebo mzukulu”
Lolu usikompilo olwaluluhle kakhulu lapho umuntu omdala nalona osakhula bechitha isikhathi sabo bebuzana impilo baphinde baphilisane, kuphinde kukhonzwe. Omncane asho athi “Mkhulu ngicela ungikhonzela ko-sbanibani, nalona omdala avume athi “ngizokukhonzela, nawe ungikhonzele lapho ekhaya”. Bese kuyima kudlulwa lowo nalowo aye lapho eya khona.
Lisashunyayelwa ivangeli lokwazisana njengabantu kodwa bayincosana abaliphilayo lelo vangeli. Kulezinsuku uzwa umuntu ethi:
“Sanbonani!”
esho masinyane, nalabo ababingelelayo akababhekile nokubabheka. Akababoni ukuthi bangobani noma banankingani. Aqhubeke athi
“ninjani?!”
bavume bathi:
“syaphila unjani wena?”
Aphendule athi:
“ngiyaphila, nina ninjani?”
Akazwanga nanokuthi labantu ababingelelayo sebevumile bathi bayaphila. Uyaphinda uyababuza futhi. Lokhu luveza ichilo elenziwa abantu lokunga khathalelani. Abantu sebaphenduka onkomo idla yodwa, ilowo nalowo ugade okwakhe akanamusebenzi ngomunye umuntu. Ngempela ma-Afrika kuzofanele zibuyele ekhaya zidle emasisweni. Ngoba le! Esesiyenza manje ayisebenzi.
Kwakuye kuthi ngesikhathi sentwasahlobo kusanda kuqhakaza iminduze, kusemini libantu bade, likhipha umkhovu etsheni. Uma kukhona abantu abadlula ngendlela abasuka kude bedabula isigodi beya kwesinye, kwaku ngafanele uze ubabuze ukuthi baphumaphi balibangisephi, kwakufanele ubangenise ekhaya, balethelwe izihlalo noma amacansi baphumule phansi komthunzi. Bayothi basaphumule, sekulethwa amanzi noma idokwe elimuncu behlise ukoma. Uma kusahlezwi lapho kuyaxoxwa, bazichaze ukuthi bangobani bakwabani futhi balibangisephi. Kusukela ngalolo suku kusuke sekwakheke ubuhlobo. Nangelinye ilanga uma bebuya bayongena babingelele bashiye izipho noma izimemo. Iyona mpilo lena yase Afrika eyayiphilwa. Kungesiyo lena yabantu abaphila iminyaka elimshumi bakhelene kodwa bengakaze babonane, kuphela bazana ngokuthi kunenja ekhonkothayo kwamakhelwane. Noma kungaze kudlule umuntu emhlabeni kulowo muzi omakhelwane abazi ngenxa yothango phela olude olushaya ezulwini.
Uma ngithi “Isivuno sihle kakhulu ma-Afrika. Inqolobane yakwethu iphuphuma isivuno esihle kakhulu. Lesi yisikhathi sokudla ifutho, kubaswe phansi, kuvuthwe izinkobe kuthamundwe izindaba ezimnandi zomlando wakithi eSandlwana” ngichaza ukuthi azisekho izinto ezicindezela abantu bomdabu njengobandlululo. Azisekho izinto ezivimba ukukhululeka kwabantu abampisholo. Alwa amaQhawe namaQhawekazi elwela ukukhululeka kwabantu abamyama, sakhululeka. Ngoba sesikhululekile yiso phela isikhathi lesi sokunxanxatha immfe sizwe ubumnandi benkululeko siphinde sidle ngoludala.
Ukuphilisana ngokuthula kwakuyinto ekhona endulu kulo leli laseAfrika zingekho izixhwanguxhwangu. Kwakusizwana kudala, ungeke ulale ngendlala omakhelwane bekhona. Kwakunanelwana kudala, yize zisekhona izindawo ezenza lento enhle kangaka sengathi nezinye izizwe zingabuyela ekwenzeni lokhu. Ibhodwe lophuthu lalivuthwa nje kanye nesishebo sakhona kuyizinto zokunanwa zonke lezo. Yizo zonke izinto lezi engifisa umuzi waseAfrika ubuyele kuzo, uma singayibamba lapho siyobe siyibambe etshweni.
Into engingathanda sibuyele kuyo futhi ukuziqgaja ngamasiko ethu kanye nobuhlanga bethu. Asivunuleni bese sikhuluma izilimi zethu zomdabu. UmZulu akakhulume isiZulu sakhe, umXhosa akakhulume isiXhosa sakhe, umSwazi akakhulume isiSwazi sakhe, umNdebele akakhulume isiNdebele sakhe, umSotho akakhulume isiSotho sakhe, umTswana akakhulume isiTswana sakhe, umPedi akakhulume isiPedi sakhe, umVenda akakhulume isiVenda sakhe, umTsonga akakhulume isiTsonga sakhe ngoba sihle futhi simunandi. Siba sihle kakhulu uma sesihambisana nemvunulo yakhona. Zinhle izinhlanga zethu ma-Afrika ziqedile. Lena kwaZulu insizwa yayiqgoka ibheshu layo ifake umqhele wayo bese ishaya ngocetshwayo kungabi ndaba zalutho. Kanti izintombi nazo zazishaya ngezidiya kungenalutho olubi. Ngisho seziya ukuyokha amanzi zihlabelele amaphimbo azwakale emihosheni. Zikhuzele izinsizwa kube kuhle kube njeya. Kwakuphiliswana endulo abantu beyimbumba.
Asizizwiseni ngobumnandi benkululeko. Asikhulumeni izilimi zethu siphinde siziqgaje ngemvelaphi yethu. Sihloniphane njengezingane eziwaziyo umlando wezwe lase Afrika. Mabandla kaMjokwane kaNdaba ngiyema lapho.