About Author

Avatar photo

Celimpilo is teacher by profession, University of Johannesburg graduate. He is currently studying BA Honors in African Languages. He is an advocate of African languages and he encourages the use of African languages . Very historically and politically aware.

Nithwele kanzima bafazi

0
View Random Post

Students gather at Rhodes University to protest against gender-based violence. “Gatvol” is Afrikaans slang which translates to “I’ve had enough”. Taken: 04 September 2019 by. Adriaan Rossouw Picture taken on the article below https://medium.com/@alexis_giunta/fear-and-outrage-over-gender-based-violence-spreads-throughout-south-africa-90a91e9c8b87 By By. Alexis Giunta & Lithalelanga Vena

Nina benkashana kaMenzi ephuza umlaza ngameva. Isivuno sase Africa sisesihle kakhulu. Lokho ngikusho ngani na? buka ilanga ekuseni aligeji ukuphuma. Imvula emhlabeni wokhokho isanetha. Ikhemezela njalo imikhizo kulelinxuluma lakwethu, Ilethe izinhlanhla ezinkulu nokuthula ezweni lika Bhejane phum’esiqiwini. Izinkonjane zisabonakala emafini, okusho ukuthi ziseza izibusiso. Busahleba utshani emadlelweni lapho kudla khona uchibidolo. Mahle aqedile amadlelo ambozwe umnyankomo. Izihlahla zomyezane zivunguza njalo ngale kokukhononda. Amakhaza ayafika aphinde adlule, lethwase nehlobo bese kuqhakaza iminduze. Iqgili, uThukela, uMhlathuze neMfolozi zigiya ubusuku nemini. Lemifula ayikhohlwa ukuphuzisa abantwana baseNingizimu. Isandlwana ixoxa umlando omuhle ngomlando wokhokho bethu.  Kudliwa ifutho kumunandi kudeliwe ezweni likaMamonga wosuthu akabulali uyasizila.

Akukho soka lingena sici. Kanti akukho jadu lasina lingenazigigaba zalo. Umshophi ovelela inzalabantu yalelizwe yiwo ongenza ngithi ‘’Nithwele kanzima bantu besifazane.  Lingathi izwe lilihle kangaka kukhonjwa ngophakathi, kufinywa ngendololwane. Nina nibe nizingelwa okwezinyamazane. Okwenu okwezandla. Elenu icala phela yilo elokuba ngabesimame.

Lenkanankana eninkonkoshele manje yaqala endulo. Lapho kwakwaziwa ukuthi indawo yomuntu wosifazane Isekhishini. Lokho kuvela emlandweni wakithi eAfrica Kanye naphesheya kwezilwandle.

Abantu besifazane balingana nabo abantu besilisa akukho lapho beshiyeka khona. Kanti obani ababenza imisebenzi eyayenziwa abesilisa kwelase Melika eminyakeni yama 1950’s?

Lokhu kuvezwa u Stoneham ephepheni lakhe elithi ‘’The role of woman in the 1950s’’. ekubuyeni  kwabesilisa empini yesibili yomhlaba (World war II) abesifazane babonakala bebuyela ekubeni amakhosikazi ahlala emakhaya akhulise izingane, kanti kade bebambe imisebenzi esetshenzwa amadoda.  Ukusebenza ezimbonini kwabesifazane kuveza ukuthi abesifazane balingana nabo abesilisa. Umuntu osuke ebukela inzalabantu phansi uveza ukudungeka kwenqgondo.

KaNdaba Zulu, bacindezelekile abantu besifazane emhlabeni. Bazingelwa kuhle okwezinyamazane. Ukubulawa kwabo sekwaba insakavukela umchilo wesidwaba.

Ngempela sekwanele.

Ezweni lokhokho abantu besifazane bahluleka ngisho ukuhamba ebusuku ngoba besaba ontaba kayikhonjwa amadoda. Kuyicala yini uma umuntu wesifazane ehamba yedwa? Kuyicala yini uma umuntu wesifazane ehamba ebusuku?

Engani amadoda ayahamba odwa kungonakali lutho. Futhi ayahamba ebusuku ebuya otshwaleni futhi aphephe, afike emakhaya engadlwenguliwe. Ubani ozingela amadoda?

Uma umuntu wesifazane ezivocavoca usolwa ngokuyenga amadoda. Kanti siyasisola yini isqubulo esithi #ManAreTrash?

Violence against women is the most pervasive yet least recognized human rights violation in the world. It also is a profound health problem, sapping women’s energy, compromising their physical health, and eroding their self-esteem. In addition to causing injury, violence increases women’s long-term risk of several other health problems, including chronic pain, physical disability, drug and alcohol abuse and depression. Women with a history of physical or sexual abuse are also at increased risk for unintended pregnancy, sexually transmitted infections (STIs), and adverse pregnancy outcomes. (Heise,2002)

Ngokoncwaningo lwaseNingizimu Africa bangama 2930 abesifazane ababulewe kulelizwe Phakathi konya wezi 2017/18. Lolucwaningo lubuye luveze ukuthi alipheli ihora engekho owesifazane obulawayo eNingizimu Africa.

Imbangela yokubulawa kwabesifazane isuka phela kudlame. Udlame lolu olubhekiswe kwabesifazane noma udlame olwezeka phakathathi kobulili obehlukene, ngolimi lwasemzini Gender based violence. Kuyaye kuthiwe eyababili ayingenwa. Kodwa lokho kubangela ukuthi kugcine sekukhona obulewe uma kunodlame olwenzeka ebudlelwaneni. Ingwe ayiwashitshi amabala ayo. Lokho ngikusho ngoba uma umuntu othandana naye enesandla, uyohlale ekubeka isandla. Noma ungamuxolela uhlale ethembeni lokuthi uzoshintsha, asoze ngoba usuke ekuvezele uqobo lwakhe.

Liyashuyanyelwa ivangeli lokuthi uma umuntu ekuhlukumeza kufanele ubikele abakwasidlodlo noma ushiye kulobo budlelwano. Ngoba le kwelakithi sithi ‘’induku kayiwakhi umuzi’’. Uma umuntu ekuthanda akasoze akuphakamisele isandla. Bayacelwa mihla namalanga odadewethu ukuthi abawashiye phansi amadoda angamavaka ahlukumeza abesifazane. Kuba ngathi bayalalela kanti phinde. Babuye babuyele. Bakhombe lona uthando oluvutha amalangabi. Uyabasola yini? Engani amasoka abo asuke esebathembise ukuthi azoshintsha noma aseshintshile futhi asabathanda.

Liyothi lingazilahla kunina siqhume futhi isibhaxu. Isigcino salapho kuba yikho njalo ukuthi owesifazane abulawe. Noma kungathiwa umuntu wone kangakanani umthetho sisekelo wakuleli awuvumi ukuba kube khona ohlukunyezwayo.

Wonke umuntu unamalungelo. Othatha impilo yomuntu kufanele abolele ejele.

Nithwele kanzima bantu besifazane.

Ngoba nizingelwa emini ka bha! Amadoda awasakwazi ukushela intombi. Aqokelela khona ukudlwengula.

Kuba buhlungu ukubona abesifazane bexwayisana ezinkundleni zokuxhumana ngezindawo ezingaphephile. Nokuhamba ngamaqembu ukuze baphephe. Abanye basebenzise ama paper spray.

Umbuzo ovelayo uthi uphi unembeza zinsizwa zaseAfrica. Abesifazane babalekela nina ngoba niyingozi  kubona.

Kunzima ukuthi abesifazane bagibele ama taxi bodwa ngoba basaba amadoda.

Kunzima ukuthi abesifazane bazilolonge emgwaqeni bodwa ngoba basaba amadoda.

Kunzima ukuthi abesifazane bazihlalele ezindaweni zokusula ulwabu ngoba basaba amadoda. Amadoda alinda ukuthi badakwe bese aqubela ukuzitika ngocansi.

Nithwele kanzima bafazi!

 

VN:F [1.9.22_1171]
Rating: 0.0/10 (0 votes cast)
VN:F [1.9.22_1171]
Rating: 0 (from 0 votes)
Share.


View Random Post
Translate »