Ngalolusuku lwamagugu sithi,
Akuphele inkohlakalo kosopolitiki
Kubuye inhlanzeko kwezepolitiki Kanye nokuthembeka.
Akwande imfudumalo ezweni lokhokho
Sithakasele isivuno esihle saseAfrica.
Akuphele umkhuhlane ezweni lobaba mkhulu,
Unwele olude maAfrica.
Ayiphele indlala esizukulwaneni
sikaMamonga kuchichime inqolobane yakwethu.
Akuphele isomiso, kunethe umvimbi
Wemvula ahlume amasimu.
Akutshakadule amathole emadlelweni
Kudliwe ifutho kuthakaswe.
Ayigcwale imifula neziziba
Kujabule izinyoni zezulu.
Awuphele umkhuhlane!
Awaphele amagciwane nobhubhane oludla
Isizwe sikaBhejane.
Akuvele injabulo kudlale umjadu kwethu.
Azigiye izinsizwa zeAfrica
Zibambelele ngedanda lentombi empisholo yaseAfrica.
Azikikizele izalukazi kusukume amaxhegu
Aleli nxuluma elingudedangendlala
Abusise abaholi abasha.
Akuvele amasimu amasha nezinqolobane
Ezizokondla izintandane zeAfrica.
Ayiphele inkohlakalo ethatha ngozwane enqolobaneni yakhwethu.
Sithi akudaleke ukuzwana, sinanelane nomakhelwane.
eAfrica imikhombe iyenanana kanti futhi
izandla ziyagezana.
Ayiqhakaze iminduze iqhubeke ine imvula.
Akwande imfundo kwintsha
Bese kushabalala izidakamizwa ezibhubhisa intsha.
Akusinde abagulayo kubuye ithemba kubantwana bezulu.
Abafudumale abahlala emigwaqeni bathole nokuya ethunjini.
Azihaye izimbongi zibuyise ithemba kwiAfrica yonkana.
Zihaye inkondlo yase Africa ejabulisa nabaswele.
Akuvele abaholi abazonakekela kakhulu amaxhegu nezalukazi.
Akuvele abaholi abazonakekela kakhulu abafelokazi nezintandane.
Akuvele abaholi abazolwa nokulahleka kwabesifazane nabantwana.
Akuvele abaholi abazolwa nodlame Kanye nokubulawa kwabesifazane ezweni laseAfrica.
Akuvele abaholi abazodala ubumbano eAfrica.
Ayigeleze Imifula nemifudlana yeAfrica baphuze abantwana bezulu.
Akwande imfuyo eAfrica kuchichime ubisi noju ezweni lobaba.
Igolide nedayimane alibuyele ezandleni zamaAfrica.
Akuphele imincele ehukanisa iAfrica.
Akube unwele olude kumaAfrica,
Kwande nenhlakanipho kwitsha.
Esigodini samathunzi ezintaba.
Naphezulu ezintabeni zaseAfrica
Akwande ukuzwana maAfrica.
Zibekwe phansi izikhali kuthathwe amapeni kubhalwe umlamdo omusha.
Mafu emvula kaMvelinqangi
Amaphimbo ethu anxusa wena.
Langa eliyindiza kaSomandla Qhubeka usikhanyisele.
Langa elingumhlengikazi
sivikele ekushiseni komhlaba okudala ukushitsha kwesimo sezulu.
Nhliziyo enoxolo jubalala njalo eAfrica yonkana,
Ulethe uthando nemfundiso esizukulwaneni esisha.
Mafu emvula kaSomadla siyakulangazelela.
Uyimvula enetha ezweni lonke ungakhethi bala nabulili.
Usana olusemhlane weAfrica lungashiswa ilanga.
Phezulu ezintabeni kwelenyoni.
Nabaphansi esigodi sethunzi lentaba
Akuvungaze umoya wokuthula.
Awuphele umkhuhlane abantwana beAfrica bahube inkondlo entsha.
Badle ifutho baxoxe izindaba zaseSandlwana.